Izinkonzo kamasipala ayisisekelo amahala anikezwa nguHulumeni emizini ehluphekile ngaphandle kokukhokhelwa. Lezi zinkonzo abandakanya amanzi, ugesi, izindlu zangasese kanye nokuchithwa kukadoti. Lezi zinkonzo zinkezwa ngomasipala kanti abandakanya umthamo wesisekelo kagesi, amanzi, izindlu zangasese kodwa okwanele ukubonelela izidingo zokuqala zemizi ehluphekile. Kodwa, imigomo elawula inqubo yokunikezelwa kwezindlu zangasese kanye nokuchithwa kukadoti ayikaphethwa yiminyango kahulumeni eqendene nalokhu, okuwuMnyango wezaManzi namaHlathi , uMnyango wezesimo sendalo nezokuvakasha.
Amanzi ayisisekelo sokuqala amahhala awumthamo we-6kl amanzi ngenyanga kumuzi nomuzi. Lo mthamo ungahluka kumasipala nomasipala, kanti kumele uxhumane nomasipala wakini ngqo ukuthola ulwazi ngokuthi yini isevisi yamanzi ayisisekelo sokuqala amahhala kumasipala wakini. Kumele ukhokhele amanzi owasebenzisayo angaphezulu komthamo ophakelwa mahhala.
Abasebenzisi benqubo yokuthenga ugesi abangakawusebenzisi ebizwa ngokuthi yi-pre-paid electricity meters, bazokwazi ukubona lapho ugesi usuphelile, nakhona kuzodingeka bathene omunye futhi. Abasebenzisi bakagesi abawukhokhela ekupheleni kwenyanga noma labo abasebenzisa inqubo ebizwa ngokuthi ama-credit meters, ngeke bakwazi ukubona lapho sebesebenzise onke amayunithi abo. Basoshajwa ukusebenzisa ongaphezulu ekupheleni kwenyanga nenyanga.
Abasebenzisi bakagesi abangenawo ugesi wama-grid energy banganikezwa ugesi ongewona ama-grid enegy ngomasipala babo. Kumele uxhumane nomasipala wakini ukuthola ukuthi ngabe yiyiphi inhlobo yogesi eniwusebenzisayo.
Ukuthola ukuxhunyelwa ugesi namanzi endlini yakho noma endaweni yebhizinisi, xhumana nomasipala wakini, lapho onomuzi khona noma onebhizinisi khona.
Kwezinye izndawo, umphakeli kagesi kazwelonke okungu-ESKOM, uphakela ugesi ngokuqonde ngqo.
Uhulumeni akakaqali ukusebenzisa inqubo yohlelo lwezindlu zangasese zamahhala. Umnyango wezaManzi wenza uhlaka lokunikezelwa kwezindlu zangasese zamahhala. Lapho isu seliphethiwe, ohulumeni bezindawo abanikeza ngezindlu zangasese bazokwazi ukusebenzisa lolu hlelo.
Uhulumeni akakaqali ukusebenzisa inqubo yohlelo lokuchithwa kukadoti lwamahhala. Umnyango wezesimo sendalo nezokuvakasha wenza uhlaka lokuchithwa kukadoti mahhala. Lapho isu seliphethiwe, ohulumeni bezindawo abenza imisebenzi yokuchithwa kukadoti bazokwazi ukusebenzisa lolu hlelo.
Ukukhokhela ama-akhawunti ngaphambi kokusebenzisa ugesi ukuthenga amayuniti angu ngemali yakho kusho ukuthi uzosebenzisa kuphela amayunithi owakhokhele noma owathengile. Lapho ususebenzise onke amayunithi, kanti usadinga amanye, kuzomele uthenge amanye.
Ama-akhawunti othola izitatimende ngemuva kokusebenzisa asho ukuthi ungasebenzisa noma yimuphi umthamo kagesi namanzi. Umasipala wakini uzokuthumela isitatimende njalo ngenyanga esikhombisa umthamo kagesi noma amanzi owasebenzisile kanye nenani lemali okumele uyikhokhe.
Gcwalisa ifomu lesicelo.
Khokhela imali yesicelo ebekiwe.
Ukubonelelwa kwesicelo sakho kuqala ngosuku ofakela ngalo isicelo sakho sokusekelwa kwabantu abahluphekile Isicelo sakho sizohlolwa ebese kwenziwa isinqumo sokuthi ngabe ukufanele yini ukuthola izinkonzo zesisekelo zamahhla noma cha. Ngokuya ngokwenqubo kamasipala wakini, uzobhaliswa ngokufaneleka ukuthola izinkonzo zamahhala ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi yi-Free Basic Services , ebese unikezwa usekelo olufanele.
Amanzi: Amalithi okuqala angu-6 000 wamalitha kumuzi ngenyanga, atholakala mahhala, kanti amanye amalitha angaphezulu kwalana ayakhokhelwa ngenani elibekwa ngomasipala.
Amafomu okusekela abantu abahluphekile . Omasipala abaningi banamafomu ezicelo. Buza kumasipala wakini ngohlelo lokusekela abantu abahluphekile.
